... ukuthi bangaki asebebekwe amacala, bangaki asebegwetshiwe. Ngakhoke angizowuphendula lowo kodwa engizokusho ukuthi omasipala esinabo abangaphansi kolawulo loHulumeni bezifundazwe noma bangamashumi amane. Ukuthi-ke amacala nasebeboshiwe konke lokho yinto engingaya ukuyoyicwaninga ngoba yinto eyenzeka ezifundeni ayenzweki kuzwelonke. Lolo lwazi kufanele ngiyolumba le ezifundeni bese ngiyalubuyisa-ke ngizophendula. Ngiyabonga.