Ngiyabonga Mhlonishwa lapho ngaphambili, Ngqongqoshe, okwami la ngifuna ukubuza. Ngiyajabula ngoba usulapha kuloMnyango wakwa- Cogta. Kunalento ekhona ikakhulukazi endaweni zasemakhaya la kuphethe izinduna khona namakhosi uthola ukuthi uma kuza intuthuko,
amakhosi nezinduna abazi lutho ukuthi yimalini eyisabelo salowo mklamo nokuthi uzoqala nini futhi uzogcina nini. Babona nje ngogandaganda. Uma kufuneka abaphathi bezokuxhumana uthola ukuthi bazofika kanye naleyo nkontileka. Kanjalo nabantu bomphakathi akukho noyedwa ozoqashwa. Okubuhlungu manje uma sebehambile abantu benkontileka abantu bendawo baqhamuka sebebuza eNkosini noma eNduneni.
Ngifuna ukubuza kuwena njengoba sisuka nawe kulezi zinto, uyazazi. Laba bantu bashiya indawo bengaqedile njengomgwaqo osuka kwamaPhumulo ohamba udlule ebholohweni uyoxhuma phezulu kwaMadundube. Emshane kuyimanje izingane zesikole azihambi futhi nomphakathi unenkinga. Ngifuna ukwazi ukuthi izinduna namakhosi nizozamukela nini zibe yingxenye yentuthuko emphakathini. Nabo nibanike amafowuni njengamakhansela lawa enu adla imali. Ngicela impendulo eqondile ngqo. [Ihlombe.