Hhayi, uyeza uNgqongqoshe. Besifuna ukwazi ukuthi njengoba lohwebo lwamamakhethe amahhala lwenzeka. Ngabe zikhona izinhlelo namasu akhona enziwe afana nemizila yezitimela ukuthwala imithwalo ukuxhumana namanye amazwe azungeze i-Afrika? Uzokwenza kanjani ukuqinisekisa ukuthi uma lohwebo lwamamakhethe amahhala
lwenzeka kuphela e-Afrika kungangeni amanye amazwe ngoba angeke sikwazi ukuqhudelana nawo? Uzokwenza kanjani ukuvikela loluhwebo lwamamakhethe amahhala lapha e-Afrika?