Hon Speaker, may I request those members who don't understand isiZulu to pick up their devices?
Umbuzo okufanele sizibuze wona uma sibuka lo Mthethosivivinywa ukuthi yini eyenza ukuthi amakolishi, kuze kube manje, angawufezi umsebenzi lo okufanele awufeze wokuletha imfundo esezingeni eliphakeme nokuqeqesha intsha ngamakhono. Impendulo ithi amakolishi kuze kube manje awanabo othisha abaqeqeshwe ezingeni elanele. Okwesibili, amakolishi lawa awanazo izinsiza kusebenza ezanele. Umbuzo olandelayo uthi-ke, lo Mthethosivivinywa njengoba uhlongozwa ukuthi othisha, uma usudlulile kuleNdlu, kufanele baqashwe uMnyango. Thina njenge- IFP siyakuvuma yini lokho na? Mangisho ukuthi siyakuvuma ukuthi othisha abaqashwe uMnyango ngoba kuze kube yimanje othisha bebeqashwa yizigungu zamakolishi, awukho umehluko owenzekileyo. Bekuthi uma sikhala ngothisha abangaqeqeshiwe, uma siya kuwo uMnyango siwubuze ukuthi kwenzenjani? UMnyango uchaye izandla uthi "akudokwe lethu lelo, yinto lena eqondene nezifundazwe".
Yingakho-ke sithi sicela ukuthi sibone umehluko uma othisha sebeqashwa uMnyango. Nakuba sinovalo-ke mhlonishwa ukuthi uma seniqasha othisha, kungenzeki lokhu okwenzeka eMnyagweni wezeMfundo, kuqashwe abantu baqashelwe ezikhundleni ezingabafanele. Akuqashwe abantu ezikhundleni abanamakhona okuziphatha. Ngakho-ke ningasidumazi ngokweseka lo Mthethosivivinywa nisebenzisa lokhu kuqasha ngokubonelela.
Okwesithathu, okuphathwa yilo Mthethosivivinywa esikwesekelayo ukuthi izisebenzi eziqashwe uMnyango noma amakolishi zingazibandakanyi emisebenzini esuke yenziwa yikolishi. Lokho siyahambisana nakho ngoba inkohlakalo iningi lapha emnyango. Uma umuntu eqashwe ikhansela noma eyisisebenzi sekolishi abuye futhi atholakale esesesigungwini lesi esiqashayo kumbe esinikeza abantu amathenda. Lokho kwenza kube khona inkohlakalo, yingakho siweseka lo Mthethosivivinywa. Ngiyabonga Somlomo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[The question that we must ask ourselves when we look at the Bill is why the colleges are not accomplishing their goal of ensuring a high level of training with regard to equipping the youth with some skills. The answer is that, up to now, the colleges have not had well-trained lecturers.
Secondly, these colleges do not have adequate resources. The next question is, as this Bill suggests that lecturers must be employed by the department: Do we as the IFP agree with that? Let me say that we agree that lecturers must be employed by the department because up to now lecturers were employed by the college executives and there has been no difference. When we complained to the department about untrained lecturers and asked what had gone wrong, we were told that it is not their responsibility, but that of the provinces.
That is why we request to see the difference when the lecturers are employed by the department. Even though we are nervous, hon Minister, we want to caution that when you employ lecturers you must avoid what happened at the department, where people were given positions they did not deserve. Let suitable people who will be able to cope in those positions be employed.
Thirdly, what is mentioned in this Bill, which we also support, is that people who are employed by the department should not be part of the work that is done by the college where they are employed. We support that because there's a lot of corruption out there. If a person is employed by a councillor or is a college employee and he is part of a panel that is recruiting people or that awards tenders, that might lead to corruption and that is why we support the Bill. Thank you. [Applause.]]