Kulo mbuzo omunye wokuqala, emiholweni yabanye babaphathi abakhulu [CEOs] bezinhlangano zethu ngizothanda ukungagxili kokukodwa. Ngithi umnandi lo mbuzo ngoba uma kungenankinga kanje, yona le-DA izothi siyangenelela njengoMnyango. Engifuna ukukuqinisekisa ukuthi uhulumeni uyabuka futhi uyabuyekeza kuzo zonke izinhlangano zikahulumeni ukuthi amahholo abo anjani. Nalezigidi eziyisithupha esibuzwa ngazo nazo zingaphansi kwalokubuyekezwa okwenziwayo nguhulumeni. Nathi njengoMnyango siyaxhumana nebhodi ngoba ibhodi iyona ethatha izinqumo.