Sekela Somlomo kuyamangaza ukuthi uMnyango Wokuthuthukiswa Komphakathi ukhombisa ukuthi uyahluleka ukulwisana nezinkinga ezibhekene nohlelo lokunakekela izingane. Kunombiko oveza ukuthi imiyalelo yezinkantolo eyizinkulungwane ngezinkulungwane ayizange ilandelwe uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi. Le miyalelo iqinisekisa ukuthi uMnyango uvikele abantwana abasuke behlukunyeziwe. Lokhu kusho ukuthi uMnyango awazi ukuthi labantwana abahlukunyeziwe isimo sabo sesishintshile yini.