Ukuxazulula izinkinga ezikhungethe ukunakekela izingane kuzosiza kakhulu ekuvikeleni abantwana abahlukunyeziwe. Kuzophinda futhi kwenze umsebenzi ubelula koSonhlalakahle abasebenza ngokukhulu ukuzikhandla mihla namalanga ekuqinisekiseni ukuthi izingane ziyavikeleka.