UNGQONGQOSHE WEZOKUVAKASHA: Ngiyabonga, mhlonishwa Sithole, ngithanda ukugcizelela kakhulu ukuthi siyakubona ukwehla kwamanani ezindaweni ezinezigameko eziningi zobugebengu ikakhulukazi uma sengichaza la e- Vilakazi Street la siqale khona siye sabona kakhulu uma sibheka manje akubi nezigameko eziningi ezibikwayo. Kodwa lokhu sikujabulela njengoba ngisho ukuthi okuningi ... laba bantwana esibathathayo nje sibafake kuhlelo lokufundela emsebenzini, abanye sibangenisa kumkhakha bagcine sebeziqalela amabhizinisi abo amasha.