Angibonge kakhulu, Sihlalo, ngibonge kakhulu kuNgqongqoshe, into engizama ukuyibheka ukuthi ngabe i-consequence management uhlelo sinalo yini ebheka wonke umonakalo okhona ku-Prasa ngoba into engiyikhumbulayo kunemali eyake yanikezwa izinkampani zamabhasi, imali bavele banikezwa ngaphandle kokubheka ukuthi izidingo zokwenza umsebenzi zikhona yini. Ukuthi njengamanje nje sekubonakala ukuthi umonakalo mukhulu la zikhona yini mhlawumbe izindlela zokubheka ukuthi lezi zinto ezenzeke ekuqaleni azisezo ziphinde zenzeke siyaphambili. Ngiyabonga.