I want to apologise, Sinclair. [Laughter.] I mean, hon member Sinclair.
UMntwana M M M ZULU: Mhlonishwa, iPhini likaNgqongqoshe walo Mnyango wezokuHlunyeleliswa Kwezimilo, izikhulu zonke ezikhona zomnyango wakho, amalungu ahloniphekile ale Ndlu, ozakwethu sebekhulumile ngakho konke abakubona kubalulekile okuqondene noMnyango wakho, manje sekudlule isikhathi seminyaka ngeminyaka kwatholakala ukuthi izikhulu kanye nabasebenzi boMnyango wakho bayathinteka ekweqeni kwabafowethu ababenze amacala emajele. Siyafisa ukuthi njengoba uthembisile enkulumweni yakho - lapho uthi nizoqinisa isandla ekubhekaneni naleyo nkohlakalo niqondise izigwegwe, niphinde nibaxoshe uma bethinteka. Kufanele bahambe ngempela ngoba laba bafowethu basuke bonile emphakathini, into edingekayo ukuthi bahambe bayoqondiswa.
Uma umuntu engaqondisekile akalungi kahle. Ngiyazi ukuthi uMnyango wakho uyakuvuma ukuthi uma sezigula iziboshwa zikhululwe. Uma sezikhungethwe yizifo - labo abafundile abazibiza ngokuthi phecelezi ama-chronic diseases - izifo ezingalapheki bese zikwazi ukuphulelwa isigwebo.
Siye sithi sasizwe ukuthi umuntu uneSifo soFuba esingalapheki esingahle simbulale, mahlayeni mahlayeni nangu esebonakala egcwala izitolo enza zonke izenzo zokukhohlakala. Kuzodingeka ukuthi siphinde siwubhekisise umthetho waleli lizwe ngoba siba yinhlekisa emazweni omhlaba. Asibheke ukuthi singawuchibiyela kanjani uMthethosisekelo, uma sekwenzeka uZulu esephilile ukuze aphindele phela ejele ayoqedela isigwebo sakhe.
Mhlonishwa, angiphikisani nokuthi amajele aqanjwe kabusha, kuyinto enhle leyo. Kodwa, la ekomidini leli sikanye nezikhulu zoMnyango wakho, sakubeka kwacaca ukuthi indaba yokubekwa kwamabamba emsebenzini kayemukelekile. Uma ngibambele umuntu lapha ngeke ngavuma ukuthi ngemuva kokubamba izinyanga eziyisithupha, gwijiji sekuqhamuka ndoda thizeni yaKwaZulu kwaNongoma isizophatha lapho kade ngibambe khona isikhathi eside.
Ake nikuyeke lokho, niqashe abantu bakithi ngokupheleleyo njengalokhu athembisa uMongameli wezwe lapho athi khona iMinyango kahulumeni mayiqashe abantu. Yenzani okuthile ngezimali; qashani abantu ngoba indlala ibhokile ezweni lakithi.
Ngiyazi ukuthi kukhona owadeni abasebenza izinsuku eziyisikhombisa ngesonto, lokho akuvumelekile ngoba basuke sebekhathele ngenxa yokugada izigebengu eziyingozi. Njengeqembu leNkatha yeNkululeko, siyakuxhasa ukuthi uMnyango wakho kufanele uthole ezinye izimali ngoba ubhekene nabantu abenza inkohlakalo enkulu emphakathini. Kukhona abanye ababulala abazali, oyise ababeguqile phezu konina, izingane abazizalayo, ngisho izintombi zabo imbala uma sezithi ziyabala.
Phezu kwakho konke lokhu-ke kudingeka ukuthi uMnyango wakho uhlale uphephile futhi ukhululekile ngoba sithembele kuwo njengesizwe. Uma umuntu kudingeka ukuthi aqondiswe izigwegwe ... - ngoba mina uma ngifuna ukuqondisa izigwegwe ngiye ngikubize ngezinduku, sishayane ngezinduku sophisane amakhanda, ngokwenze njalo sengiyazi ukuthi isigwegwe siqondile. Ngiyazi kodwa ukuthi ngokomthetho waleli lizwe, kuyoba yicala elibomvu lelo futhi ungaboshwa nokuboshwa.
Siyakweseka ukuthi uMnyango wakho uthole isabiwomali esibhekile, ukuze ukwazi ukubhekana nayo yonke iNingizimu Afrika njengoba injalo. Ngiyabonga. [Ihlombe] (Translation of isiZulu speech follows.)
[Prince M M M ZULU: Hon Deputy Minister of Correctional Services, all the officials of your department who are present here, and the hon members of this House, my colleagues have already spoken about everything that they deem important with regard to your department. Many years have gone by since it was discovered that officials and staff members were implicated in the escaping from prison of our brothers who have committed crimes. We hope that - as you have promised in your speech - you are firm in dealing with that corruption, and that you put in place disciplinary measures and even expel them if they are found guilty. They must be fired because these brothers of ours have wronged the community; what is needed is for them to be rehabilitated.
If somebody is not well rehabilitated, the situation doesn't improve. I know that your department allows for prisoners to be released if they become sickly. When they have what are termed chronic diseases by the learned people - the incurable diseases - their sentences are suspended.
We understand that an incurable disease such as TB might cause someone's death, but then they are seen shopping around and doing all sorts of bad things. We need to review this law of the department because we are becoming the laughing stock of the international community. Let us look at how we can amend the Constitution, to ensure that, for example, Zulu goes back to prison to finish his sentence when he has recovered.
Hon member, I am not disputing the fact that prisons should be renamed; that is good. But this committee, together with the officials from your department, stated clearly that the issue of having acting personnel in vacant positions is not acceptable. When I am in an acting position, I will not allow someone from Zululand/KwaNongoma to suddenly come and take over from me after I have been acting in that position for six months.
You must do away with that practice; appoint our people full time, as the President of the country promised when he stated that government departments should employ people. Do something about the funds and appoint people, as poverty is rife in our country.
I know that there are prison warders who work seven days a week, which is not acceptable as they become very exhausted from guarding dangerous criminals. As the IFP, we support the call for your department to get additional funds, because it is dealing with people who commit serious crimes and corruption in the communities. There are those who kill their parents, their biological fathers, their own children, and even their girlfriends when they decide to end the relationship.
In addition to this, your department needs to be safe and sound because we are relying on it as a nation. If I want to discipline a person I will challenge him to a stick fight; we will hit each other on the head with the sticks until we bleed, and in that way I know that discipline has been entrenched. But I know that according to the laws of this country that would be considered a serious crime, for which you can even be arrested.
We agree that your department should receive a bigger budget, so that you are able to deal with the whole of South Africa as is.]