NOKUTHUTHA KWENDLE: Nami ngiyathokoza, bengicabanga ukuthi nginazise ukuthi uNgqongqoshe uNkosazana Dlamini-Zuma ubhekene nomasipala kanye nezifundaze. Uba nomhlangano okuthiwa i- MinMec, nami ngiba nomhlangano nalaba ababhekene namanzi nababhekene nezindlu. Sesinqume sinoNgqongqoshe uNkosazana Dlamini-Zuma ukuthi sihlanganise lama-MinMec la ukuze uma sikhuluma nomasipala abangaphansi kwakhe sikwazi ukubachazela ukuthi isimo samanzi simi kanjani. Sikwazi ukubacebisa, nokubanikeza nemali uma ngabe badinga imali yokuthi sibasize abantu bethu bathole amanzi ahlanzekile.