UNGQONGQOSHE WEZABASEBENZI: Ngiyabonga Somlomo, ngiyethemba ukuthi nginemizuzu emine ngoba ngizophendula imibuzo emibili. Owokuqala yilowo ophakanyiswe yilungu le-IFP, othi i-ANC ayisakwazi ukulawula izinyunyana. Ngifisa ukusho ukuthi i-ANC ihola umbimbi kodwa izinhlangano ezingaphansi kombimbi zizimele. Okwesibili ngokoMthethosisekelo waleli lizwe, izinyunyana zinalo ilungelo lokuteleka. Thina njenge-ANC esingahambisani nakho wukuthi uma betelekile bese kuba nodlame. Ngiyethemba ilungu elihloniphekile lizokhumbula ukuthi lwalungakanani udlame olwalukhona KwaZulu-Natali ngenkathi beyothula i-Wusa. Asihambisani nokuthi amalungu ezinyunyana abe nodlame uma eteleka.