Okwesibili kubheke kwilungu elihloniphekile le-Freedom Front eliza nezincomo kule Ndlu. Lapha sikhuluma ngomthetho osahlongozwa, ongekabekwa ezithebeni zale Ndlu; okusenokuthi ohlelweni lwe-National Economic Development and Labour Council, Nedlac, i-Nedlac yenze izichibiyelo, kwenzeke iKhabhinethi ithi ayiqhubeki nalezi zichibiyelo. Ngakho-ke ngiyafisa ukuthi Somlomo uke uqeqeshe amalungu ale Ndlu - ikakhulukazi angaphesheya - mayelana nokuthi uhlelo lokumiswa kwemithetho luhamba kanjani ngoba kuyacaca ukuthi hhayi kumnyama. [Ihlombe.] Ngiyafisa-ke futhi ukuthi asingavimbeli ukuthi amalungu omphakathi ajule ngengxoxo, yithi siyile Ndlu esathi iNingizimu Afrika ayijule ngengxoxo; asibayekeni-ke baxoxe bese beza nezincomo noma siyaqhubeka noma asiqhubeki. Ngifuna ukuthi-ke "hlehla bheseni akukaphakwa". Ngiyabonga. (Translation of isiZulu speech follows.)