Ngiyabonga Somlomo, mhlonishwa Mongameli, kuye kungabukeki kukuhle noma ngabe batholakala benecala labo abasuke befake isandla ebhodweni elingabafanele uma kuzothatha isikhathi eside ukuthi batholakale benecala ngokwenza lokho. Lokhu ngikushiso ngukuthi kukhona abantu abamiswayo emisebenzini kodwa babe behola, bahlale isikhathi eside bese kuthi ngalesi sikhathi betholakala benecala abanye babo basule emisebenzini bahambe. Lokho kuveza ukuthi abanye babo babaleka nezikhumba zezinkomo asebezidlile Sikuvimba kanjani lokho? Lokhu ngikusho ngoba usanda kusho manje ukuthi leli Komidi loNgqongqoshe abehlukene lizokwethula umbiko maduze nje. Uma kuthiwa maduze nje uyazi ukuthi kungaze kuphele iminyaka emihlanu? Kusemqoka kabi ukuthi sazi ukuthi umaduze nje unini ngempela. Ngiyabonga.
UMONGAMELI WERIPHABHLIKI YASENINGIZIMU AFRIKA: Ngiyabonga Somlomo, ngiyabonga Gatsheni,lungu elihloniphekile lesiShayamthetho. Ngiyethemba ukuthi usuke wezwa ngikhuluma; senginesikhathi eside ngikhuluma ngikhala ngokuthi isikhathi esichithekayo ngaphambi kokuthi kubhekanwe nalabo abenza ubulelesi kuHulumeni side kakhulu. Ezinye zezinto okufanele ukuthi leli komidi lizibheke yikho ukuthi kungenziwa kanjani ukuba kuphuthunywe. Sengikhale kakhulu impela ngaba wuqanduqandu esidlangalaleni futhi hhayi esithe, ngikhala ngakho ukuthi abanye bayantshontsha bese kuthiwa bamisiwe emsebenzini kodwa babe behola behlezi emakhaya.
Kufuneka kushintshe lokho, yinto esiyidingidayo ukuthi sizokwenza kanjani ukuthi sifinyeze isikhathi esiphakathi kokubanjwa komuntu owonile kanye nokugwetshwa kwakhe; yinto esiphezu kwayo leyo. Uma ekhona amacebo athile- njengoba phela kuyaziwa ukuthi amacebo aphuma kuzo izimpunga-, singajabula ukuwezwa, sizwe ubuhlakani obudala bamava athi nakhu esicabanga ukuthi ake nikwenze.
Phela sifuna ukwenza into esizovumelana sonke kuyona ukuze kulungiswe umthetho ngoba zonke lezi zinto zenziwa phezu komthetho. Njengoba uzwile nje uma ngithi abanye banikezwe isexwayiso; umthetho uthi akunikezwe isexwayiso emva kwezikhathi ezithile- kuze kuthiwe sekuyisexwayiso sokugcina-ke lesi, uyantshontsha njalo umuntu uyaqhubeka. Yimithetho le okufanele ukuba sibhekane nayo ukuthi siyishintsha kanjani ukuze senze izinto ngendlela ehlukile sikwazi ukubamba izigebengu. Ngiyajabula ukuthi uwubuze lo mbuzo ngoba sonke kufanele ukuba siyicabange indlela yokuthola amasu namaqhinga okuqeda le nkohlakalo ekhona emphakathini. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Thank you, hon Speaker. Hon President, it doesn't look good when it takes a long time to get a verdict for people who have been caught committing crimes. I say this because there are people who were suspended with full pay; they stay for a long time and some of them resign from their jobs when found guilty. This shows that they leave with the evidence. How can we prevent this? I say this because you have just mentioned that this Ministerial Committee will submit a report very soon. Are you aware that if one says very soon, it could even take five years? It is really important for us to know the timeframe. Thank you.