Somlomo, angibonge uMongameli waseNingizimu Afrika ngempendulo enhle kangaka asinikeze yona. Okokuqala, siyizakhamuzi zaseNingizimu Afrika siyathokoza kakhulu ngeqhawekazi laseNingizimu Afrika elinjengoNkosazane Zuma, lo odume ngokuthi u"Mrs Fix it" uzokwazi ukuthi aye le ku-AU ayilungise. Ngoba ngempela ngempela iminyaka eminingi lapha izizwe zangaphandle bezizenzela nje lapha eNingizimu Afrika. Siyathokoza ukuthi futhi uhulumeni kaMongameli u-JZ uzoqhubeka weseke i-AU noKhomishana omusha uNkosazana Zuma.
Ngakho Mongameli, engithanda ukukubuza yilokhu: Siyazi ukuthi njengoba u- Comrade Nkosazane ekhulume ngokulwa nobuphofu, into yokuqala yokulwa nobuphofu wukuthi iNingizimu Afrika ne-Afrika yonkana kumele ikwazi ukudayisa izimpahla zayo ngaphandle. Siyazi ukuthi izinhlangano ezifana nabo-TTO nama-EU zicindezele amazwe amancane ase-Afrika ngokuthatha izinqumo ezingeke zibeke i-Afrika phambili. Ingabe umbuso kaMongameli uzokwazi yini ukunikeza amandla ko-TTO ukuze kuliwe nabo-EU nawo wonke lawa mazwe anamandla ukuze i-Afrika ibe ngcono? Ngiyabonga.
UMONGAMELI WASENINGIZIMU AFRIKA: Lungu elihloniphekile, umkhankaso wokulwisana nalawa mabhange amakhulu kazwelonke maqondana nokuthi azisebenzisa kanjani izimali emazweni amancane usunethuba uqhubeka. Sizowuqhuba-ke lowo mzabalazo, ikakhulukazi maqondana nokuthi uma kusizwa lawa mazwe amancane awangabekelwa imigomo elukhuni kakhulu eyenza ukuthi kwale mali ebiwusizo ijike isifana neketango eliboshelwe entanyeni kulawa mazwe amancane.
Sizoyilwa-ke leyo mpi kakhulu. Siyilwa futhi ngendlela yokuthi sithi kudingeka kube noshintsho ebuholini bawo la mabhange ngoba ukuthi bangabi bikho abantu abaqhamuka emazweni asathuthuka lapha ebuholini yikho kanye okwenza ukuthi izinqumo ezithathwayo zithathwa ngabantu abangayazi inhlupheko nabangazi ukuthi yiluphi usizo olufunekayo. Siyethemba-ke ukuthi kulowo mkhankaso sizobe sindawonye noSihlalo omusha we-AU. Ngiyabonga (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr B A RADEBE: Speaker, I wish to thank the President of South Africa for such a good response. Firstly, as South Africans, we are so proud of our heroine from South Africa, Dr Nkosazana Dlamini-Zuma, who is popularly known as "Mrs Fix It". We know that she will perform her duties at the AU to the best of her ability. For many years, foreign countries did not give South Africa the respect and recognition that it deserved. We are pleased that President Zuma's government will continue to give its support to the AU and its new Chairperson, Dr Nkosazana Dlamini-Zuma.
Following that, President, I have this question for you: Comrade Nkosazana has pointed out the fight against poverty as her top priority. The first way to tackle the issue of poverty would be to facilitate trade between South Africa, and the rest of Africa, as well as other countries in the international arena. We know that organisations like the TTO and the EU are oppressing Africa by taking decisions that put the continent at a disadvantage. Mr President, will your government be able to influence the TTO to fight against the EU and all the powerful countries for the betterment of Africa? Thank you.