Into yokuqala esiyenzile sithumele iSekela lethu likaNgqongqoshe uMduduzi Manana ukuthi aye kwaNongoma abekhona ngesikhathi le nsizwa yakwaMasuku ifihlwa. Nathi siyakujabulela ukuthi ingalo yomthetho ikwazile ukushesha ukuthi kube khona ebabophayo. Kodwa esikufuna ukukusho siyasebenza nothishomkhulu abaphethe amanyuvesi ethu ngalolu daba ukuthi senza kanjani ukuthi izikhungo zethu ziphephe.