Sihlalo, siyaleseka leVoti leSabelomali lesi-3 kodwa sinokusho ukuthi siyi-NFP sicela kuqinisekiswe ukuthi omasipala bathola ochwepheshe abadingekayo ngoba esikhathini esiningi abantu abasebenza laphaya ezikhundleni eziphezulu, kwesinye isikhathi abanazo iziqu ezifanele zomsebenzi. Siyocela ukuthi leyo nto ilungiswe.
Okwesibili kube ukuthi kungasetshenziswa imali ye-Municipal Infrastructure Grant, MIG, ukuthi iholele amaholo komasipala. Uma kulunge lokho, i-NFP iyokweneliswa. Kwesinye isikhathi omasipala bancika kulezo zabelo zemali esele ikakhulukazi uma kuzophela unyakamali. Yize noma kusemthethweni ukusetshenziswa kwayo kodwa kungabi ukuthi sekuphilwa ngayo. Siyakuphakamisa lokhu njengeqembu le-NFP ukuthi kunakwe kakhulu. Siyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Prof N M KHUBISA: Chairperson, we support Budget Vote No 3, but we in the NFP would like to say that we must ensure that municipalities get the required experts, because in most cases people who occupy senior positions don't have the relevant qualifications. We would like that to be rectified.
Secondly, they must not use the municipal infrastructure grant, MIG, to pay municipal workers. If that can be rectified, the NFP will be pleased. Sometimes, the municipalities rely on the rollover from the previous year, especially towards the end of the financial year. As much as it is legal to use it, it must not become the norm. As the NFP, we suggest that this must be considered. Thank you.]
Agreed to.
Vote No 4 - Home Affairs - put.
Declarations of vote: