Sekela Somlomo, neNdlu ehloniphekile, Mhlonishwa okokuqala sicela ukubonga kakhulu kuCell-C ngokuthi athathe iqhaza eliphambili ahole kulomsebenzi wokwehliswa kwemali yokuxhumana kwabantu.
Okwesibili sithanda ukubonga kakhulu kuwena Mhlonishwa ukuthi ugqugquzele noTelkom ukuthi uma sishaya izingcingo zizokwehla njengoba benzile nalaba abanye ngoba uma beme bodwa ngale eceleni nabanye benza lokho kuzoba sengathithi sikhetha izingane zabantu bandawonye.
Okokugcina-ke siyacabanga ukuthi i-Icasa izowenza umsebenzi wayo. Kanti uma ingawenzi umsebenzi wayo, kubonakala sengathi kulukhuni ukuthi yenze umsebenzi wayo, uyilethe lapha eNdlini, sibagudlule sifake abanye. Ngiyathokoza kakhulu. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr V B NDLOVU: Deputy Speaker, this august House and hon Minister, firstly I want to sincerely thank Cell C for taking the initiative in taking the lead to reduce interconnection rates across all networks.
Secondly, I would like to sincerely thank you, hon Minister, for encouraging Telkom to bring call rates down as the others have done, because if they are standing to one side all by themselves and others are doing the same thing on the other side it would be as if we are dividing members of the same family.
Lastly, I hope that Icasa will perform its duties. But if it does not perform its duties, and it looks like it is difficult for it to perform its duties, you should bring them to this House, and we will put them aside and put others in their place. Thank you very much.]