Sihlalo, okokuqala nje asiqale sibongele uSekela Mongameli wezwe ukuthi wasinda kulesehlakalo esicishe samvelela. Sibonge ukuthi uNkulunkulu wamgcina.
Umbuzo wokuchibiyela kungaba wukuthi ehhovisini likaSekela yini abayibone ukuthi yenza ukuthi izidingo zabantu zingalethwa kahle ngomasipala kuze kube khona nale mibhikisho ekhona? Bazibalile yini ezinye izinto ukuze umphakathi nawo wazi ukuthi uhulumeni kukhona akwenzayo ngoba usezibonile mhlawumbe lezo zinto. Ngiyabonga.
USEKELA MONGAMELI: Ngiyabonga baba, siwuhulumeni esikubonayo ukuthi lapha koHulumeni Basemakhaya empeleni abantu bakithi abawenzi umehluko phakathi kwamakhansela nathi njengamaLungu ePhalamende kanye noMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe.
Okusho ukuthi kulenqubo Kahulumeni Wokubambisana kusobala ukuthi uma singaxhumani kahle senze futhi ukuthi amaKhansela ethu abenalo ulwazi ngalendlela esisebenza ngayo, bahlale ngaso sonke isikhathi benalo ulwazi ukuthi uHulumeni Kazwelonke uzimisele ukwenzani, izinhlelo zime kanjani, nakuzona izifundazwe. Leyonto iyona edala inkinga ngoba abantu bakithi basuke bacele kuKhansela izinsiza ngesinye isikhathi okungukuthi lowo ngumsebenzi wezifundazwe kanye nohulumeni kazwelonke bese kudaleke ukuthi manje kubekhona ukungaboni ngasolinye.
Kanti futhi kukhona nokuthi izinhlelo (IDP) azivezwa kahle ukwenzela ukuthi nomphakathi wazi ukuthi yikuphi okubalulekile okufuneka kuqalwe ngakho. Umasipala ezokwazi ukuthi asebenzele phezu kwazo. Ziyemukelwa kodwa kutholakale ukuthi zaziwa laphaya yikhansela ngaphandle umphakathi awazi kanti futhi nabanye uma ubabuza usuxoxa nabo bakuchazele ukuthi inkinga ababhekene nayo ngeyamanzi. Leyonto ayaziwa yiwo wonke umuntu, ngithatha ukuthi yiyo inkinga enkulu esibhekene nayo kumakhansela. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr D D GAMEDE: Chairperson, firstly, let's start by rejoicing with the Deputy President of the Republic for having survived the incident that nearly befell him. We thank God for saving him.
An additional question would be whether they have noted, in the office of the hon Deputy President, why people's needs are not being met with regard to service delivery by the municipalities, which has led to these protests that are taking place? Did they list some of these things, so that civil society also knows that there is something that the government is doing, because they have already noted those things? Thank you.