Bengisathi lapha kunethimba lochwepheshe elisungulelwe ukubona nokwenza ukuthi umasipala waseMerafong udlulela kahle esiFundazweni saseGauteng. Siyakubonga lokhu okwenzile Ngqongqoshe. Leli thimba libalulekile ngoba yilona elizobheka imininingwane yonke kanye nokususwa kwazo zonke izihibe uma kuqhutshekwa kuyiwa phambili.
Leli thimba lizosebenzisana kakhulu nohulumeni wasekhaya e-NCOP. Phela Sihlalo, sikubekile embikweni wekomodi lethu ukuthi ikomidi elisha leNCOP likahulumeni wasekhaya kufanele libe seduzane kwaleya ndawo ukuze kube ngamagama enkehli. Okusho ukuthi abaphat hi (oversight) kuyofanele ukuthi ikomidi elizoba khona lePhalamende yesine liye njalo laphaya ukuze libone ukuthi izinto zihamba kahle yini. Siyojabula futhi Ngqongqoshe uma ungashesha uwasho amagama, usho nokuthi ngobani labo chwepheshe ukuze sikwazi ukukhuluma nabo ngqo ukuthi bayilungisa kanjani le ndaba.
Njengoba kuvela ukuthi isabiwomali sika 2009-10 sesenziwe angeke sisakwazi ukusishintsha, sesiyoze sishintshwe ngonyaka wesabiwomali sika2010-11. Okusho ukuthi isabelo sabantu baseMerafong sihamba nabo sisuka eNorth West siya eGauteng. Okusho ukuthi lokho ebesebenikwe kona kofuneka imiNyango yenze ngqo ukuthi lezo zimali zayo ziyasetshenziswa uma sebeseGauteng uhulumeni waseNorth West.
Kulokhu-ke kufuneka iziphathimandla zazo zombili lezi zifundazwe okuyiNorth West neGauteng ziqaphele ngamehlo okhozi. Lokhu kumele kwenzeke kusukela phezulu kuNdunankulu kuze kuyofika ezisebenzini zoMnyango yohulumeni bobabili. Ngineqiniso ukuthi lokhu kuzokwenzeka ngoba zombili lezi zifundazwe zizobe zisaphethwe nguhulumeni kaKhongolose, uhulumeni wabantu. Siyazi futhi ukuthi unyaka wezimali womasipala uzoqala ngoJuni kuyoba kuhle ukuthi yonke imininingwane kanye nokulethwa kwezinsiza, imali kufanele ibekhona kumasipala lo abantu baseMerafong abazobe bengaphansi kwakhe i- West Rand District municipality. Siyazi ukuthi labo hulumeni bobabili bazobe besaphethwe uKhongolose okusho ukuthi abantu baseMerafong bayaqinisekiswa ukuthi ukulethwa kwezinsiza kuzobekwenziwa futhi zizotholakala. Ngalokhu esengikubekile ngenhla ngithi-ke le Ndlu ayiwusekele lo mthethosivivinyo siqhubeke siyephambili. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr Z C NTULI: I was saying that there is a team of experts who was appointed to oversee the smooth transition of the Merafong Municipality into Gauteng province. Hon Minister, we are grateful for what you have done. This team is very important because it will look into every detail and do away with all of the existing obstacles that might stand in the way of progress.
This team will mainly work with the department of cooperative governance and traditional affairs in the NCOP. Mind you Chairperson, we have stated in our report that the new Select Committee on Co-operative Governance and Traditional Affairs must be closer to that place so that everything will go according to our plan. This means that the forthcoming select committee of the Fourth Parliament must always visit that place to oversee if everything is going according to plan. We would be pleased, hon Minister, if you could quickly mention those names and tell us who these experts are so that we can directly talk to them to understand how they hope to rectify this situation.
As has emerged, the budget for the 2009-10 financial year has already been allocated, and we know that we cannot adjust it; it will be adjusted in the budget for the 2010-11 financial year. Therefore, this means that the allocation for the people of Merafong will go with them from the North West province into Gauteng. This means that the departments must ensure that the funds which were allocated to them are utilised when they are in Gauteng.
In this instance, delegated authorities from both the North West province and Gauteng need to be very vigilant. This synergy must start from the level of both the Premiers and cascade down to the level of officials in both departments of co-operative governance and traditional affairs. I am certain that this will be possible because both provinces would still be governed by the ANC-led government - the government of the people.
We know that the municipal financial year will begin in June and it would be appropriate if all the necessary details, as well as service delivery issues, are catered for in the budget of the West Rand District Municipality under which the Merafong Municipality falls. We are certain that both these provinces would still be governed by the ANC which means that the people of Merafong are guaranteed that services would be delivered. With what I have said above, I am therefore urging this House to support this Bill so that we can move forward. Thank you.]