Ngathi umnumzane Le Roux usephumile noma. Hawu, nanguya. Uyihlabe esikhonkosini. Udaba lokuthatha iPhalamende liye kubantu lubalulekile kakhulu. Abaningi babecabanga ukuthi kuyangcebelekwa laphaya, sifuna nje ukuyobona izihlobo. Uma esevumile umnumzane Le Roux kusho khona ukuthi umyalezo ufikile kwabaningi.
Uma ngabe ngempela ngempela siyithatha indaba yokuthi sithathe iPhalamende kubantu, siyithatha ngokukhulu ukuqiniseka kufuneka siye ebantwini siyobonana nalabo bantu abasikhethile. Singabi kude nabo. Benginganicebisa nje mina. Nina eningakakuboni lokho bhekani uhlelo luka Khumbul'ekhaya kumabonakude, nikhumbule ekhaya. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr M A MZIZI: It seems as if Mr Le Roux has left. Oh, there he is. You are quite correct. The issue of taking Parliament to the people is very important. Many people thought that it is about having an outing to see relatives. Now that Mr Le Roux has clarified it, it means that the message has reached a lot of people.
If, in all honesty, we regard taking Parliament to the people with utmost seriousness, we must go and see the people who voted for us. We must not be far away from them. That is my plea to you. Those of you who have not realised this must watch the program called Khumbul'ekhaya on television, and remember your home. I thank you.]