Sihlalo ohloniphekileyo, mhlonishwa uNgqongqoshe noNgqongqoshe abakhona, abahlonishwa bonke abakhona eNdlini noMnyango okhona phakathi kwethu, ugwayi uyinkinga enkulu kakhulu kumuntu obhemayo nongabhemi. Umuntu obhemayo akanandaba nokuthi ubhema kuphi noma isinqamu sikagwayi usitshinga kuphi. Ulahla noma yikuphi nje bese kudaleka umlilo osha ubuhanguhangu kwesinye isikhathi kudaleke omkhulu umonakalo kubantu, ezilwaneni nakwenye impahla ngesinqamu nje sikagwayi. (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[Mrs J N VILAKAZI: Hon Chairperson, hon Minister, Ministers present, hon members in the House, tobacco is a big problem whether one smokes or not. People who smoke do not care where they smoke and they do not care where they throw a cigarette stump. They just throw it anywhere and, as a result, they start fires, which, sometimes, cause extensive damage to people, animals and other goods just because of a cigarette stump.]
The IFP is especially supportive of the Bill to increase control measures against smoking in public places, and good policing of those measures so that the public does not suffer harm through exploitation, corruption and fraud. Tobacco is a uniquely dangerous consumer product, therefore those who smoke in public places and spaces unequivocally infringe on the right of others to a healthy environment.
Sihlalo ohloniphekileyo, sebekhulumile ozakwethu futhi ngivumelana nakho konke lokhu esebekubekile kodwa ukuvikela abantwana abancane nesizwe kanye nabo bonke abangezwani nokubhema, thina beqembu leNkatha Freedom Party siyawesekela lo Mthethosivivinyo oyisichibiyelo. Ngiyabonga kakhulu. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[Hon Chairperson, my colleagues have spoken and I agree with everything they have just said. To protect our children, the nation and all those who are against smoking, the IFP supports this amending Bill. Thank you. [Applause.]]