Phini likaSomlomo, thina kuKhongolose sidabuke kakhulu ngokuzwa ngokukhothama kukaMntwana uNhlahla ozalwa uMntwana uNojombo kaDinizulu kaCetshwayo kaMpande kaNdaba.
Umntwana uNhlahla ubenokuzithoba, ejulile ngolwazi. Ubeneqiniso, engumuntu wabantu. Akwenzayo ubekwenzisisa. Izinkulumo zakhe bezakha, zikhombisa ukuthi ubeyilalela yonke imibono ngaphambi kokuba aphimise ngakushoyo. Ngithi kumakhosikazi akhe, omunye udadewethu, umtakaKhondlo kanye nokaMajozi, silahlekelwe sonke; izinyembezi zenu, ziyizinyembezi zesizwe sonke.
Eqenjini lakhe, i-IFP, nakuMntwana waKwaPhindangene esimhloniphayo sithi: Lalani ngenxeba. Kubuhlungu kodwa umdali izinhlelo zakhe uyazazi. Endlunkulu nakubaNtwana bonke sithi: nina bakaMalandela, nina bakaJama, nina bakaMjokwane kaNdaba, uMntwana uyibekile induku ebandla. Izwe liyaziqhenya ngani.
UKhongolose nesizwe sonke silahlekelwe kakhulu. Yebo, ziyohamba izinsizwa zisale izibongo. Usikhonzele kobabamkhulu. Ndlelanhle, siyohlala sikukhumbula! Akwehlanga lungehliyo. Siyasemukela lesi siphakamiso sikababa uVan der Merwe. Ngiyabonga (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr D M GUMEDE: Deputy Speaker, we in the African National Congress are sad to learn of the passing away of Prince Nhlahla, the son of Prince Nojombo, begotten by Dinizulu, begotten by Cetshwayo, the son of Mpande, who was begotten by Ndaba.
Prince Zulu was very humble yet knowledgeable. He was truthful and he was loved by people. He was very meticulous with almost everything. His speeches were constructive, and they showed that he would listen to all opinions first before he made a pronouncement. To his wives - the other one is my cousin - the daughter of Khondlo and the daughter of Majozi, I say your loss is our loss; you are not alone, the whole nation is weeping.
To his political party, the IFP, and to the Prince of KwaPhindangene, whom we respect, we say may he find comfort to accept this. It is painful but God knows his plans. To the royal family we say, you, the generation of Malandela, begotten by Jama, who was begotten by Mjokwane, the son of Ndaba, the Prince made his mark. We are proud of you.
The African National Congress and the whole nation has suffered a loss. It is indeed true that people die but their good work lives on. To the late Prince we say, convey our greetings to our forefathers. Go well, we will always remember you! What has happened is fate. We agree to this motion of the hon Van der Merwe. Thank you.]
Debate concluded.