Somlomo, mhlonishwa Phini likaMongameli, uma kuthiwa ukufakwa kwezimboni kungase kuncishiswe ngukuthi mhlawumbe ubugebengu bandile ezweni, ngabe umhlonishwa uyakuvuma yini lokho ngoba mina bengicabanga ukuthi phela ukusebenza kwezokuphepha kufanele ngabe kuyithinta yonke iMinyango? Manje indlela ababuza ngayo laba bafowethu, kuzwakala sengathi umhlonishwa uyakuvuma ukuthi ubugebengu lobu obenziwayo ezweni bukhulile. Uma ekuvuma ethi bukhulile, lokho akuzukuyithinta yini imicabango yalaba abafuna ukufaka izimboni kuleli zwe? Uma ngabe kuvunywa uwena mhlonishwa, ngeke kusuke kubakhinyabeze yini na?
IPHINI LIKAMONGAMELI: Konje oNdlovu bangoGatsheni, oBoya benyathi?
AMALUNGU AHLONIPHEKILE: Yebo!
IPHINI LIKAMONGAMELI: Ngiyezwa. Angizange ngisho ukuthi ngiyazivuna izigebengu. UNgqongqoshe ongasekho, uMnu Tshwete, wayevame ukuthi, "Izigebengu zizoxakana nathi njengoba ithambo lixakana nenja." Nayo-ke nje into esifuna ukulwa nayo. Ukuthi le nto ifakwa ku-Asgisa noma uyifaka kwi- JCPS, lokho sekuyimininingwane. Into ebalulekile ukuthi makuliwe nobugebengu.
Maqondana nombuzo othi ubugebengu bunayo yini indlela yokunciphisa ukutshalwa kwezimali, yizo zonke izinto lezo esiziqaphile. Noma ngabe bekungenzeki lokho, kubalulekile ukuthi ubugebengu makuliwe nabo ngqo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.) [Mr V B NDLOVU: Chairperson, hon Deputy President, when there is talk that investments might decrease owing to the crime level which is too high, does the hon Deputy President agree with that, because personally, I think that the question of safety should concern all departments? And the way these brothers ask questions; it sounds like the Deputy President admits that crime has increased in this country. If the Deputy President admits that crime is on the increase, is that not going to be a matter of concern to those who want to invest in this country? If you, the hon Deputy President, admit this, is that not going to scare investors?