Ngiyabonga Sihlalo. Angibonge futhi nePhini likaMongameli ngencazelo ende. Angithokoze uma ngizwa uzihumusha zonke izinto kodwa futhi ngibona nje utalagu ngaphambi kwami, ngoba le ngoma yokuthi siyathuthukisa emakhaya, ngoba amaphandle awekho kodwa amakhaya, ayikezwakali. Uma mhlawumbe umuntu engathola ukuthi nakhu okubambekayo mhlawumbe umuntu angakuzwa kangcono.
Ngimzwile uNgqongqoshe ebala nasePuthaditjhaba, eQwaqwa. Inkinga nalapho isekhona ngoba abantu uma ufika kubo bathi asazi ukuthi kuqashwa kanjani, sibona abantu bayasebenza nje. Abantu bayathutheleka emadolobheni. Ngabe-ke masu mani uhulumeni acabanga ukuthi yiwo angabagcina emakhaya abantu njengoba ngizizwa izinto uzibala nje? Yingakho-ke ngibuza namhlanje ukuthi- ke siyaphi njengoba selidumela emansumpeni. Unyaka uyaphela. Abanye bethu mhlawumbe ngeke sisaba nabo ngo-2009. Sifuna ukwazi manje ukuthi abantu batholani?
IPHINI LIKAMONGAMELI: Angazi lungu elihloniphekile ukuthi uzobe uyephi ngo- 2009. Niyahamba emhlabeni? Iyongiphatha kabi leyonto ngoba kumnandi ukuba nawe lapha kule Ndlu. Ngiyasizwa lesi sikhalo esiqhamuka nelungu elihloniphekile sokuthi ukwenzeka kwemisebenzi emaphandleni kuyinto enzima. Uhulumeni into akwazi ukuyenza emaphandleni ukulungiselela abantu ukuthi bathole izidingo, ngoba phela amabhizinisi lawa akwazi ukuthi aqashe abantu sethembele kuwo ukuthi sibambisane nawo ngoba yibona abantu abangabakhi bamabhizinisi. Amabhizinisi enziwa uhulumeni yilawa emisebenzi yomphakathi. Inkinga yawo-ke kuba ukuthi amanye awo awabi naso isikhathi eside ngoba aba ngawesikhashana.
Enye indlela esesiyibuka manje okungenzeka ngayo imisebenzi lapho abantu bezosebenza khona unomphela, lokhu okungenza ngicele ukuthi nani njengamalungu nisisize, yile misebenzi okuthiwa iletha izidingo zempilo yemiphakathi. Niyazi ukuthi uhulumeni wenze kulesi sabelo mali esikhona manje ufake imali eningi yokwenza ukuthi yonke iNingizimu Afrika kube khona ukuqeqeshwa kwabantwana ebuncaneni babo ngokwemfundo. Leyo-ke izoqasha omama ukuthi bafundise abantwana kodwa izifundazwe eziningi aziyisebenzisi kahle leyo mali ukwenza lowo msebenzi, ngakho-ke uxhaso lwenu ukuthi lento yenzeke kungaba kuhle ngoba lowo msebenzi uphelele.
Ukunakekelwa kwabantu abagulela emakhaya ngenye yezindlela zokuqasha abantu abaningi emaphandleni ngoba bayaqeqeshwa bese bekwazi ukuthola umsebenzi. Ukunakekelwa kwabagulela emakhaya umsebenzi ohlala ukhona nawo-ke siyakwazi ngawo ukuthi senze imisebenzi yethuba elide. Abantu-ke futhi abasebenza njengonompilo ngenye futhi leyo indlela yokuqasha abantu uhulumeni anamandla okuyenza. Lolu hlelo olusha esikhuluma ngalo esithi umasipala ngamunye umkhiqizo owodwa sifuna ukuthi nani nisisize ukuthi emaphandleni sibone izinto abantu abakwazi ukuzikhiqiza, ezizokwenza ukuthi bathole umsebenzi ophelele. Kungenzeka kungabi yiyo imisebenzi ephakeme kakhulu kodwa imisebenzi ezobagcina ukuthi bakwazi ukuthi bathole okuya ethunjini.
Niyazi nani ukuthi kakhulu kule minyaka edlulile into ebisisixake kakhulu nayo futhi esingakayiqedi amanzi, imigwaqo, izindlu, ugesi, njalo njalo. Besingakwazi-ke ukuthi senze zonke lezi zinto ngesikhathi esifushane. Siyanikhuthaza-ke nani ngoba abanye benu banabo ubuhlobo nezinkampani nosomabhizinisi ukuthi phela abasizane nathi ngokuthi ezinye izimboni zabo ziye emakhaya. Kodwa izimboni ngokocwaningo esilwenzile ezibonisayo ukuthi zikwazi ukuthi zihlume emakhaya, ezolimo nezokuvakasha. Kuyadingeka-ke ukuthi lezo sizigqugquzele kakhulu. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr M A MZIZI: Thank you, Chairperson. I would also like to thank the Deputy President for her lengthy response. I am happy that you are mentioning all these things although I see discrepancies because this song of development has not reached rural areas yet. Perhaps if there was something tangible, we would understand you better.
I heard the Deputy Minister mentioning Puthaditjhaba in Qwaqwa. There is still a problem there because you will hear people saying that they do not know how people get employed. They just see people working. People are moving to the cities. What strategies does government think would keep people in rural areas? That is why I ask today: Where are we heading? The year is about to end. Maybe some of us will not be here in 2009. We want to know what the people will get.