Ngiyabonga Sihlalo. Phini likaMongameli, ngiyathokoza uma ngizwa ubeka udaba lwamakhosi. Ngiyaxinaxineka lapha ngoba angikuzwanga ukhuluma ngeKwaZulu-Natali. Empeleni angazi ukuthi nithintana kanjani nezigodlo ngoba udaba olubucayi ukuya esigodlweni. Uma ngihlangana namakhosi angapha ngakithi kwelikabhanana, athi awazi ukuthi izinhlelo zikahulumeni ziqhutshwa nhloboni ngoba ezwa ngosibhincamakhasana nje ukuthi uhulumeni wenza lokhu nalokhu, ngakho kubalulekile ukuthi kube khona ukuxhumana okuhle bamakhosi. Yingakho ngifuna ukuzwa ukuthi ngabe nibathinta kanjani laphaya esigodlweni noma yibo osibhincamakhasana labo asebetshela amakhosi ukuthi kuzokwenzekani. Wena wakomkhulu.
USIHLALO WOMKHANDLU KAZWELONKE WEZIFUNDAZWE: Cha, asingayoni lento, baba uMzizi. Ngicabanga ukuthi iPhini likaMongameli belisahambele abambalwa. Akakafinyeleli kuwona onke. Ngethemba ukuthi usazoya kuwo. Ubenza nje isibonelo ngalawo asewabonile. Nokho-ke angingamphenduleli. Ngethemba kunjalo, Phini likaMongameli.
IPHINI LIKAMONGAMELI: Yebo, kunjalo, Sihlalo, ngisendleni. Umthwalo usobhokweni. Ngisazoya ekhaya.
Imfushane nje kakhulu impendulo kababa u Mokoena ukuthi leli qembu elizosebenza akhuluma ngalo elibhekene nokusebenzisana kwezinyunyana ngezindaba ezithinta abantu abasebenza emapulazini, akulona ikomiti lika Mongameli. Nokho-ke sake saba nengxoxo ehlanganisa umnyango nezinyunyana ngezindaba zabasebenzi abasebenza emapulazini. Umsebenzi uqhutshwa umnyango futhi bayahlangana. Ngingabacela nje bakuthumelele umbiko wokuthi lo msebenzi uqhubeka kanjani. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr M A MZIZI: Thank you, Chairperson. Deputy President, I am very happy to hear you touch on the traditional leaders. I am confused because I did not hear you talk about KwaZulu-Natal. In fact, I am not sure how you keep contact with the palaces because it is a very delicate matter. When I talk with traditional leaders in my area, they say that they do not know how government's programme works because they hear through the grapevine that government does this and that. It is therefore important that there is proper communication with traditional leaders. That is why I want to find out how you contact the people in the palaces, or do they still hear through the grapevine what is going on?