Chairperson, very good - Deputy Chair. I think practice makes perfect!
IPhini likaNgqongqoshe, le mpendulo yakho iyangigqugquzela futhi ivusa ugqozi. Into engifuna ukuyazi ukuthi yini indaba emaphoyiseni ningakwazi ukuthi nisebenzise ubuningi bezinto njengendawo yokuzivocavoca, ngoba siyazi ukuthi lo msebenzi unengcindezi enkulu okuholela ekutheni bazidubule nokunye kanti uma engaya ezindaweni zokuzivocavoca kungehlisa incindezi yomsebenzi futhi kwehle nezisu ezikhulu lezi ukuze abukeke kahle ngoba phela kufanele bebheke nezigebengu futhi bazigijimise.
Uma ngabe isisu sisikhulu kakhulu, kuba nzima ukugijima. Ngisho ukuthi-ke njengoba siwuhulumeni, sizama ukuthi sithole amanani aphansi ukuze abantu baye ezindaweni zokuzivocavoca ngaphandle kokuhlukumezeka. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Deputy Minister, your response is very encouraging. What I would like to know is why you do not use available resources in the Police Service such as the gym because we all know that this line of work is stressful which leads policemen to shoot themselves? If they could go to the gym, the stress levels due to their work could go down. They could also get rid of their big stomachs so that they look good and are able to keep up with criminals.
If they have big stomachs, it becomes difficult. I am saying that, as government, we are trying to negotiate low prices so that the police could go to these gyms for training. Thank you.]