Sihlalo, amalungu ale Ndlu ahloniphekile, maqabane nabangani. Sihlalo into engingayisho nje eqenjini le DA ne IFP laba akade bekhuluma la ukuthi bachathe bachathile, okusho ukuthi noma ungachaza kanjani ngeke besashintsha. [Uhleko]. Okufanele-ke kodwa sikwazi ukuthi-ke kuyilungelo noma igunya lePhalamende ukuthi ekugcineni kube yilo elinquma ngemingcele yezifundazwe. Ngisho abantu bangakhuluma bathini kodwa ekugcineni kuphezu kwale Ndlu ukuthi iPhalamende liphume nesinqumo ekugcineni.
Lokhu-ke futhi okwesigingu esibhekene nokuklanywa kwemingcele komasipala ukuthi omasipala bazoma kanjani. Siyazi ukuthi abantu kufanele bakhulume babeke imibono yabo. Esifuna ukukuchaza nje ukuthi kuyinqubo kaKhongolose ukuthi abantu babe nezwi kulo hulumeni futhi kuyinqubo kaKhongolose ukuthi abantu bazikhethele ukuthi bathanda ukuhlala kuphi. Siyazi ukuthi laba abakhulumayo njengamanje asebazi amalungelo abantu babebasusa abantu ngenkani bathi sukani lapha niye lapha. Thina asikwenzi lokho. Imingcele nje esikhuluma ngayo. Abantu basahleli lapho behleli khona.
Singasho nje kancane ukuthi yingani mhlawumbe usubona manje i-DA sebeqala ngokukhuluma ukuthi kufanele kuyiwe kubantu ne-IFP. Khona manje kade nikhala ngokuthi uhulumeni oholwa nguKhongolose uma ethi akuthathwe iPhalamende liye kubantu nithi kumoshwa imali. Kodwa yini manje esenithi kufanele kuyiwe kubantu. Azisamoshwa yini izimali?
Okunye okusixaka kakhulu ngalaba abaphikisayo ukuthi anisho lutho ngokungena koMzimkhulu KwaZulu-Natal. Yini ningakhulumi ngakho khona kakhulu ukuthi akuyiwanga kubantu. Anisho lutho kodwa anginisoli nithanda ukuphikisa futhi nithanda abantu abaphikisayo. [Uhleko.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr Z C NTULI: Chairperson, hon members of this House, comrades and friends, what I can say about the DA and the IFP who have been speaking here is that they are sticking to what they have heard, which means that no matter what you say they will not change their mind now. [Laughter.] What we should know is that it is Parliament's right or prerogative, at the end of the day, to demarcate provincial boundaries. People can say whatever they want but it is incumbent on this House of Parliament to take a decision.
This is for the committee that deals with the demarcation of municipalities to determine how municipalities will stand. We know that people should speak up and express their views. What we want to explain is that it is the ANC's policy that people have a say in this government and that they choose where they want to live. We know that these people who are talking now and who now know people's rights governed the people by coercion. They removed them forcefully. We do not do that. We are only talking about boundaries. People still remain on their land.
We can actually say why the DA and the IFP are starting to say that we must go to the people. Just now you have been saying that the ANC-led government is wasting money by taking Parliament to people but now it is you who are saying that we must go to the people. Are we not wasting money now?
What is also very confusing about the opposition is that they are not saying anything about the incorporation of Umzimkhulu into KwaZulu-Natal. Another thing that is very confusing is why are you not talking about the fact that we did not go to the people in this case? You are not saying anything but I do not blame you because you like to oppose all the time. [Laughter.]]