Sihlalo, sesifike enjikalanga manje. Amathunzi aseyewukela. Zonke sezibhekise amabombo ekhaya njengoba sizophuma nje. Angikusho lokhu ukuthi iqembu le-IFP njengoba ngilimele nozakwethu bekhona ngoba sengikhulumela nabo, ngithi kini-ke nonke bozakwethu nabasebenzi bonke singabantu futhi sinenyama negazi esikuphiwe UNkulunkulu. Lapho sone khona ngokukhuluma noma ngezenzo besingeve sihlosile kodwa kungoba singabantu.
Lolu hambo lunengozi futhi lunezitha. Njengoba nizophuma nonke niye emakhaya, nazo izingozi eziyizitha namasela. Abanye nje izinkomo sezithathiwe ezibayeni. Niyohlangabezana nezinto eziningi. Ngakho-ke ngicela ukuthi UNkulunkulu abe nani. Angifuni ukukhuluma ngingene endabeni kaMnu uWatson yokuthi uKhongolose ne-IFP benzeni. Cha, lapha sesikhuluma indaba yokuhamba siye emakhaya. Sithi UNkulunkulu abe nathi. Uma usufisa ngonyaka ozayo uma sibuya ukuya kuKhongolose, usungaya ungiyeke mina ngoba angizukuya khona ... [Uhleko] ... kodwa wena ungaya uma uthanda.
Sihlalo, siyanibonga ngokusibekezelela kakhulu. Sona lapha nibhekile ningasixoshi nokusixosha kodwa nilokhu nisikhulumisa kahle. Ngalokho sithi UNkulunkulu anandisele. Kinina nonke nibuye UNkulunkulu abe nani. Asibuye sihlangane ngoba kuyavama ukuthi uma sihamba singabuyi sonke. Wena wakomkhulu. (Translation of isiZulu speech follows.) [Mr M A MZIZI: Chairperson, we have come to the end of the year. Everybody is looking forward to going home as we finish up. Let me say this, as the representative of the IFP, to all of you, colleagues: We are people and we have flesh and blood which was given to us by God. Where we went wrong, it was not intentional. We are only human.
This journey has accidents and enemies. As you all go home, beware of accidents and criminals. Some people have already had their livestock stolen from their kraals. You will be confronted with many obstacles. I therefore ask God to be with you. I do not want to entertain Mr Watson's comment where he asked what the ANC and the IFP have done. No, we are talking about going home here. May God be with us. If you wish to join the ANC next year when we come back, so be it but leave me out of it because I am not going there. [Laughter.] But you can go if you so wish.
Chairperson, we thank you for tolerating us. We would wrong you from time to time but you never dismissed us; instead you were very nice to us. May God take care of you. We hope to see everybody next term. God be with you. Let us all come back alive because it happens sometimes that some of us do not make it back. Thank you, Chairperson.]