Ngithi sanibonani ngaphansi kobuntu, hhayi ngaphansi kobulwanyazane. Zimbili lezi zinto: ubuntu nobulwanyazane. Zikhona-ke izilwanyazane lapha. Ngizobuye nginikhombise zona ngoba zikhona.
Bantu bakithi, ubuntu obalapha kithi. Ake nizwe nje lapho ngiqala nginikhombisa ukusebenza kobuntu. Kuthi uma indoda ifika laphaya endaweni yakithi ingenambuzi, ingenankomo futhi ingenankukhu, ahlangane amadoda akhona bese ethi, "Hhayi, nansi indoda ifika lapha izokhonza enkosini. Kodwa manje le ndoda ayinalutho, ayiklezi lapha kwayo." Siye sithi-ke, ngoba ayiklezi, kuhle ikleziswe lapha kwayo. Sekuzohlangana-ke lawo madoda bese enye ithi, "Ngimusisela lezi ezimbili." bese ithi nenye "Ngimusisela ngalezi ezintathu." Lowo muntu usezokwazi ukusenga nokulima lapho kwakhe. Iyona-ke leyo nto esithi ubuntu, hhayi ubulwanyazane.
Uma sikhuluma ngobuntu sisuke sikhuluma ngalezo zinto. Sisuke singakhulumi ngalabo abathi uma befika ezweni bafike banibuke banibuke bese bethi, "Hhawu, nigwaza senilapha kanti, thina sishaya ngesibhamu sile kude." Emuva kwalokho bese bethatha lonke ilizwe kungasali nembijana, balithathe bathi elabo.
Kuthi-ke noma sekuhlalwe phansi kwakhulunywa - emuva kokuba sesi-ke sathi ukuphathaphathana ngezandla baze bathi, cha, akukhulunywe - kodwa baye bangakufuna ukuyikhuluma le ndaba yelizwe. Yilaba babhemu abahleli ngalapha. [Ubuwelewele.] Yibo laba. [Ihlombe.] Ilizwe abaze bakhulume ngalo elaseZimbabwe. Baye bathi, "UThabo Mbeki onguMongameli walapha akamtsheli uMongameli waseZimbabwe ukuthi akangalithathi izwe labelungu."
Banengqondo nje laba bantu? Njengoba behleli nathi nje lapha sibanesa kodwa bengafuni kuneswa, banenqgondo nekusasa nje laba bantu? Maqondana nalezi zingane esizizele osekwaletha izidakamizwa zilethwa yibona lapha, osuthola ukuthi zibhema insangu zidla nezidakamizwa, banekusasa laba bantu? (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr J P PHUNGULA: I say good afternoon in the name of ubuntu, not in the name of wildness. These are two different things: ubuntu and wildness. There are animals here. I will show you later, because they are here.
Compatriot, ubuntu is our thing. Let me tell you how ubuntu works. In our culture, when a man settles in our place and he doesn't have a goat, cow and chicken, men in that area come together and say, here is a new man, who is going to be under our chief. However, he doesn't have anything and he doesn't milk. Let us help him to milk. One will then say, "I am loaning him two cows for milking." The other one will say, "I am loaning him three cows for milking." That person will then be able to milk and farm in the area. That is what we call ubuntu, not wildness.
When we are talking about ubuntu, we are talking about those things. We are not talking about those who come into our country, look at you and say, "Wow, you only stab when you are close, we shoot while we are still far away." After that they take all the land, not even leaving a piece. They take it and say it belongs to them.
When we negotiated, after a short fight with them, they said we must talk but they refused to talk about the issue of land. They are the ones who are sitting on this side. [Interjections.] Here they are. [Applause.] They only talk about Zimbabwe. They say, "President Thabo Mbeki doesn't tell the Zimbabwean president not to grab whites' land."
Are these people mentally fit? They are sitting with us and we are taking care of them but they don't want to be taken care of. Are they mentally fit and do they have a future? With regard to children who are using drugs brought by these people, you will find that they are smoking dagga and using drugs - do they have a future?]