Sihlalo, cha, ngisukumela ukubeka isikhalo sami lapha kumhlonishwa uPhungula ngoba ngiyazi ubengaqondile ukusho lokho ngenkathi ethi, "Yilaba abahlezi ngapha." wabe esebuka thina. [Uhleko.] Angazi-ke ngoba sikhulume kahle kangaka ngobuntu - ubaba uMpontshane ukhulumile lapha.
Ubaba uPhungula kuhle phela abeke igama. Uma ethi "abahlezi ngapha" ngiyakhala ngalokho ngoba ubuntu phela yinto yethu, njengoba eyazi naye.