Asizukuphela isikhathi sami siqedwa yilaba bantu. Uyadlala wena, Sihlalo. [Uhleko.] We baba! Angizange ngithi mina "abantu abamhlophe". Uyabona, phakathi kwenu nina bantu abamhlophe, ngesikhathi esikude ngo-1952 ngenkathi senza i-defiance campaign lapha, sasinabantu abamhlophe ababehamba nathi ngoba base benobuntu. Uma ungenabo wena ubuntu, zazi wena ukuthi awunabo ubuntu. [Ihlombe.]
Kunabantu abamhlophe ababulewe lapha yilo hulumeni odlulile abakade sebengenwe ubuntu. Uma bungakakungeni wena ubuntu, ngiyeke ngikhulume mina. [Ubuwelewele.] Umuntu omhlophe mina ngilala kwakhe, ngivuke ngiphila, angiphe ukudla ngidle. Ngisho umuntu omhlophe, mhlawumbe omhlophe kunawe ngoba yena umhlophe ngempela-ke nje, akaze aye ngisho epulazini. [Ubuwelewele.]
Ngithi-ke kuwena, mina anginayo le nto yebala yokuthi: ngimnyama wena umhlophe. Ungumfowethu wena, uma uvuma. Uma ungavumi, ungenabo ubuntu, awuyena umfowethu. Sengiqedile. [Ubuwelewele.] [Ihlombe.]
We ndoda ekhulume lapha, ngithi kuwe, cha, baba, ungahlupheki ngoba bengingakhulumi nawe. Bengingakhulumi ngeqembu lakho. Futhi angikakhulumi ngaqembu, kodwa iqembu nje enginalo qho elale ndoda ndoda evungama lapha. Angiyazi nokuthi ivungama nje le ndoda inani - kukhona indoda evungama lapha.