Niyezwa-ke, sikhuluma ngobuntu lapha. Kuneqembu lapha elingezwani nobuntu. Kuneqembu lapha eliphazamisa yonke into esiyenzayo lapha kuleli Phalamende kodwa ngibona nithulile nje nibe ninamandla okwenza kukhulunywe naleli qembu. Niyayizwa manje incelebana yakhona, iyona ebhoke ngempela. [Uhleko.] Iyona ebhoke ngempela manje le ncelebana. Besingakunakile baba ngoba siyazi ukuthi wena uyele ukudla laphaya. Manje- ke ngoba nakhu sekubonakala ukuthi asikunakile, sewufuna ukuba ubhongoza manje. Akukho bhongoza lapha, yisePhalamande lapha. Uma najwayela ngokunquma uVerwoerd lapha ePhalamande, akulona lelo Phalamendel leli. Siyayazi imikhuba yenu. Niyanqumana lapha. Ngeke-ke nisinqume thina, siyizinkalakatha. [Uhleko.] [Ihlombe.] U-ANC inggqungqulu.