Ngenza isiphakamiso esingenaso isaziso ukuthi uMkhandlu -
1) uqaphela ukwanda kwezenzo zobugebengu edolobheni lase-Verulam lapho kwenzeka khona isigameko ezicishe zibenhlanu ngosuku emini kabha;
2) uphinde uqaphele ukuthi iningi lalamacala agcina engabikwanga emaphoyiseni ngenxa yokuba abantu bamanqikanqika ukuvula amacala;
3) ubhekisise ukuthi kusobala ukuthi abezomtheho bakuleli dolobha bayahluleka nokulwisana nobugebengu okukhombisa ngokusobala ukuthi abantu bakithi abaphephile emiphakathini;
4) uphinde ubhekisise uhluleka kwabomthetho ukwenza umsebenzi laphaya edolobheni lase-Verulam kuyinto engamukelekile; futhi
5) uthi kuNgqongqoshe Wezamaphoyisa umnumzane uBheki Cele akalisukumele phezulu lolu daba, alubhekisise. Ngiphakamisa kanje.