Izikole zikanokusho ziyakhiwa emakhaya kanye nemitholampilo imbala. Ezolimo nazo ziyakhula. Indlala siyayixosha impela. [Ihlombe.] Yingakho nje sithi leNingizimu Afrika esihlala kuyo namhlanje, ingcono kakhulu kunale esasiphila kuyona ngesikhathi sobandlululo.