Yebo, kusekhona okusadinga ukwenziwa. Zisekhona izindawo ezingakathuthuki. Basekhona nabantu abasalinde izidingo. Sithi kubo bonke abasalindile, ababekezele sizofika nakubona. [Ihlombe.] Lohulumeni awusoze uphumule ungakaqedi ukushintsha zonke izindawo ezihlala abantu, ikakhulukazi abampofu. [Ihlombe.] Ngisho kungasithatha iminyaka, siyogcina sifinyelele kuzo zonke izindawo ngoba kulapho esiphokophelele khona. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)