Somlomo neNdlu ehloniphekile, ngize lapha ukuzokhalela Inkatha Freedom Party ngokudlula emhlabeni kukaSolwazi. USolwazi umuntu obekade efundile kodwa ubungeke usho ukuthi ufundile ngoba ubungahlangana naye uthi nje uhlangene nendoda yasemakhaya, engafundile futhi engelutho ngendlela abeziphethe ngayo.
Ukuhamba kwakhe emhlabeni kuhlwithe abaningi bethu igugu elihle ebelizethemba, lifunda futhi lazisa abanye abantu. Ukuzehlisa kwakhe nokungaziphakamisi kwakhe ebe efundile eyizinto zonke, kumenze waba ngumuntu ebantwini. Wafunda wafundisisa akafundelanga ukuthi aqhoshele abanye abantu. Ngokuhamba kwakhe, ilahlekelwe kakhulu i-UDM, nathi la eNdlini silahlekelwe ngobuhlakani bakhe abekade enabo. Ubuhlakani bakhe ubebuveza uma ehlekisa, ekhuluma njengePhini likaNgqongqoshe noma ekhuluma njengelungu nje kodwa konke kade ekwenza kube nomphumela onesifundo ekugcineni.
Labo abancane abangatholanga ithuba lokumazi uKganyago, abazokhula bengayazanga imbewu yakhe nokukhula kwakhe, ukuhlakanipha kwakhe ngeke babuthole ubuhlakani obuhle obenziwe nguye.
Siyathokoza thina ku-UDM ukuba imenze abe yilungu la lapha eNdlini. [Uhleko.] Uma i-UDM imenze waba ngowalapha kule Ndlu akufanele - ngabe ngiyahleka ngoba kuyakhalwa namhlanje.[Uhleko.] Njengoba silapha nje sizokhala akufanele ngabe niyahleka ngoba senadlula ukuhleka seniyohlala nihleka.
Siyayithokozela i-UDM ngokuthi izosikhombisa ubufundiswa bayo ngokusilethela umuntu ozithobile kangaka azoba nathi lapha, azokwazi ukusifundisa izindlela zokwenza izinto. Ngenxa yenhlonipho ebenayo, iNkosi imthethelele. Emndenini wakhe sithi, akwehlanga lungehliyo, abalale ngenxeba. Kumalungu e-UDM onke njengephini likamongameli uyohlala enabo ngokomphefumulo kuzo zonke izinto abazenzayo. INkosi ibe naye lapho elele khona. Ngiyabonga Somlomo. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr V B NDLOVU: Speaker and this august House, I came here to pass on the condolences of the Inkatha Freedom Party on the passing of the Professor. The Professor was a very educated person, but you could not tell that, because when you met him you would think that he was just an illiterate rural man, who had not achieved much in life as a result of how he conducted himself.
His passing has robbed many of us of a precious person who was very confident, a scholar and a person who cared about other people. His humility and not being arrogant as educated, as he was, had made him who he was amongst the people. He was very educated but he did not look down upon other people. The UDM has lost out due to his passing. In this House, we have lost the intelligence that he had. You would see his intelligence when he was cracking jokes, when he spoke as a Deputy Minister or as an ordinary member, but there were lessons taught at the end.
The youngsters who did not get a chance to know Kganyago, who will grow up and not know his contribution, his maturity and his intelligence, will never know what he did.
We thank the UDM for making him a member of this House. [Laughter.] If the UDM made him a member of this House you must not be laughing because we are mourning today. [Laughter.] We are here to mourn, so you should not be laughing, but because you can't control yourselves when it comes to laughing, you will always be laughing.
We thank the UDM for showing its intellectual capacity by bringing someone so down to earth to be with us here, so that he could teach us how to do things. Because of all the respect that he had, may the Lord forgive him. We extend our deepest sympathy to his family; may you find solace in one another. To all UDM members, he will remain with you in spirit and in all you do as the deputy president. May God be with him. Thank you, Speaker.]