Sihlalo, ngiyabonga mhlonishwa ngale mpendulo onginike yona. Lo mbuzo ubuqondene ikakhulukazi nalaba abazenza amaphoyisa bengewona. Laba bantu abathi noma sebexoshiwe emaphoyiseni bagcine umfaniswano wabo bese bezishaya amaphoyisa. Iloko engikade ngikufuna ikakhulukazi ngoba igama lamaphoyisa lonakala lapho; ukuthi bangaki-ke abantu abebekade bengamaphoyisa nabangamaphoyisa manje? Ngoba labo yibona bantu ngempela okufuneka kubhekwane nabo; yibo abephula umthetho okufanele kuqondanwe nabo.
Njengoba usushilo ukuthi ubungakaziqedi izibalo zonke. Uyabona yini ukuthi igama lamaphoyisa libulawa yilezi zigebengu na?
UNGQONGQOSHE WEZAMAPHOYISA: Yebo, lungu elihloniphekile ngiyabona impela. [Uhleko.] Ngivumelana nawe futhi lapho ngisho nakulo leli sonto kukhona ababoshiwe bebizwa nge-blue light brigade gang. Yilabo bantu ngivumelana kakhulu nawe. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Chairperson, thank you hon Minister for the response. This question was specifically directed to addressing the issue of those who pretend to be police officers. These people keep their uniform, even after they have been fired from the police force, and then pretend to be police officers. This is what I wanted to know, because that's how the name of the SAPS is being tarnished. I wanted to know the number of those who were police officers and the number of police officers who are currently employed. Those former police officers are the people we need to concentrate on and they are the ones who are breaking the law.
You have indicated that you have not yet finalised all the figures. Can you see that the name of the SAPS is being tarnished by these criminals?]