Sihlalo namalungu ahloniphekile ale Ndlu, i-IFP izobonga kuMfundisi ngegalelo lakhe lapha kule Ndlu.
UMfundisi ube ngumfundisi ngokwenkolo, ngokufundisa, ngokuqonda, ngokukhuluma nangokwenza. Lokhu kwenze ukuthi thina, ebesinaye eKomitini lamaPhoyisa sazi ukuthi ngaso sonke isikhathi uma ekhona uzocongobezela, asenze sibekezele ukuze nomsebenzi uqhubeke kahle.
Kuye kube buhlungwana-ke nokho ukuvalelisa kumuntu ngalolu hlobo ngoba asazi yini eholele lapha, ngoba akufanele sivalelise umuntu ngale ndlela; kufanele sivalelise umuntu ngoba eshonile kuphela. Uma umuntu ezoshiya umsebenzi kungesona isizathu sokudlula emhlabeni kuye kungacaci kahle.
Kepha-ke, ngenxa yokuthi lesi sinqumo sithathwe abenhlangano yakhe, naye uMfundisi wasamukela, sithi sengathi angahlala kahle futhi awenze kahle umsebenzi wenhlangano yakhe. Sifisa ukuthi azi ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayambonga ngomsebenzi wakhe, ikakhulukazi, iNkatha yeNkululeko, iyambongo ngomsebenzi wakhe nangokuzimisela kwakhe emsebenzini kanye nangayo yonke into ayenzile njengoMfundisi, nanjengomuntu obekade esigadile ngokomoya nangokwenza lapha ngaphakathi kule Ndlu. Bekuthi njalo uma kukhona lapho siphambana khona, njengendoda eqotho futhi ehlakaniphile akwazi ukusiqondisa, asikhombise indlela nokuthi kufanele sihambe kanjani siye phambili.
Ngikusho-ke lokhu njengoba kuyilona iqembu elimkhethile ukuthi akalihole. Ngakho-ke, siyambongela kakhulu, siyafisa ukuthi njengoba eya ekhaya ahlale kahle, yonke into ayenzayo ayenze kahle nangempumelelo, futhi nempilo yakhe ibe yinhle ukuze kuthi uma siphinda sibonana, sibonane esaphila; inyama isahlangene nomphefumulo. Mfundisi! Moruti! Ngiyabonga kakhulu. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr V B NDLOVU: Chairperson and hon Members of this House, the IFP wishes to thank the Reverend for his contribution in this House.
The Reverend was a minister of religion and a teacher in the way that he displayed understanding, spoke and conducted himself. He instilled tolerance in us, his fellow members of the Portfolio Committee on Police. When he was present he would display a great deal of understanding and tolerance which assisted us to perform our functions properly.
It is sad to bid someone farewell in this way since we are not aware of what led to his departure. We are not supposed to say goodbye to him in this way; we should only do that when someone has passed away. When someone leaves their position in this manner other than because of death it is not easily understood.
Nevertheless, the decision was taken by his party and the Reverend also accepted it. We wish him well, and may he continue to serve his party properly. We wish to let him know that South Africans are grateful to him for the service he has rendered. The Inkatha Freedom Party especially thanks him for his dedicated service and all that he has done as a Reverend, as our spiritual leader and an example to all of us in this House. Each time we deviated from the path he led us back. As an intelligent and responsible man he has always managed to lead us back to the right path and show us the way forward.
I am saying this since he was elected by the party to lead it. Therefore, we congratulate him; we wish him a good rest at home. May all that he does prosper and we also wish him good health so that we may meet again. Reverend! Minister! Thank you very much. [Applause.]]