Uma kuqala uhulumeni wentando yeningi ngowe-1994, abantu bakithi babelindele ukuthi kubuye nomhlaba ngoba kwakuyinto ebaluleke kakhulu kwezombangazwe, umzabalazo kanye nezokubuya kwezwe. Njengoba sizobe sikhumbula lolu suku lweminyaka eyi-100 selokhu kwashaywa umthetho owaphuca abamnyama umhlaba, phecelezi i-Native Land Act, sizobe sibheka indima esesiyihambile ekubuyiseleni umhlaba ezandleni zabamnyama. Udaba lolu oluzohlala lusihlupha njalo; washo uXhamela ekhuluma kwenye inkulumongxoxo wathi: