Somlomo, Mhlonishwa Mongameli, neNdlu ehloniphekile, angibonge ngempendulo osinike yona. Okokuqala, umhlonishwa Mongameli ukhulume ngokuthi ezifundeni nasezifundazweni kuzoba khona ukuhlangana kuxoxiswane. Obani abajutshwe ukuba benze lowo msebenzi kulezo zifunda nezifundazwe? Okwesibili, uMongameli ukhulume ngabantu abathathu u-George Bizos noMama uBam noNksz Mokgoro... [Ubuwelewele.]... bengicela ukubuza ukuthi bakhona yini abanye ababalekelelayo ekwenzeni lowo msebenzi? Ungabanaki laba abakhulumayo Mongameli, unake mina, yimina engibuzayo. [Uhleko.] Ngenzela ukuthi Mongameli uma sikhuluma ngokubuyisana nokukhulumela izwe kungabonakali sengathi abantu babukela phansi izwe labo, kodwa kube khona ukufundisana, nalabo abaklewulayo bakwazi ukuthi ngelinye ilanga uma sebekhulile bangakwenzi lokho. Ngiyabonga.
UMONGAMELI WEZWE: Somlomo, ilingu elihloniphekileyo lesiShayamthetho libuze imibuzo emibili, kowokuqala ngithi abantu esicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi kube yibona abagquqguzela lezo zingqungquthela kubalulekile ukuthi kube wondunankulu bezifundazwe bebambisene nalabo abahola ohulumeni basemakhaya ukuze lokhu kube yinto kawonkewonke. Yibona-ke abayokwenza ukuthi sibone ukuthi lezo zingqungquthela ziba khona.
Maqondana nabantu engibabalile ngishilo ukuthi phakathi kwabaningi, okusho ukuthi akusibo engibabalile kuphela, baningi abanye abakhethiwe. Bengingeke ngikwazi ukubabala bonke. Bengibala nje labo ukuze sibe nomfanekiso ezingqondweni zethu ukuthi ngabantu abanjani laba esithi bangakwazi ukugqugquzela ukuphilisana kahle phakathi kwesizwe sakithi. Ngiyabonga. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Speaker, Hon President and the hon House, thank you for your response. First, the hon President talked about summits to be held in districts and provinces. Who has been appointed to perform that task? Second, the President mentioned three officials, namely George Bizos, Ms Bam and Ms Mokgoro ... [Interjections.] has. Anyone else been appointed to assist them with carrying out the task? Do not pay any attention to the members that are making noise, President, but please do so to me since I am the one asking the question. [Laughter.] I am doing this, President, so that everyone will respect the fact that we are discussing the reconciliation process in our country. We all need to educate ourselves about it and approach it in a mature manner instead of complaining for nothing. Thank you.