Mhlonishwa Somlomo, mhlonishwa Mongameli, okokuqala angithokoze nje ngale mpendulo osusinekeze yona. Cha kubili nje engicela ukukwazi. Ingabe umhlonishwa uMongameli uke wawubona yini lo mbiko okukhulunywa ngawo? Okwesibili, umhlonishwa uMongameli angavuma yini ukuthi uma lo mbiko usufikile kulabo okufanele ufike kubona ugcine usufikile nalapha eNdlini ngoba kungenjalo sizowuzwa ngenzwabethi kuhle kokuzalwa kukaJesu. [Uhleko.]
UMONGAMELI WEZWE: Somlomo, lungu elihloniphekile lePhalamende, uyazi ukuthi nami angilona ilungu laleNdlu. Nami ngizwa benzwabethi ukuthi ukhon alo mbiko osuxoxwa la ukuthi uzoxoxwa ngelinye ikomidi Angazi ukuthi uquketheni ngoba phela wenziwe yilungu laleNdlu ...[Ubuwelewele] muphi lo? Yingakho nje ngithi into engaba wubuhlakani wukungajahi. Singaphangi umdaka linganile, silindele umbiko. Uzofika. Yilapho-ke siyokwazi ukuwuxoxa khona seneliseke, sithole amaqiniso namaphutha uma ekhona.
Ngiyabona-ke kodwa ukuthi abantu bayathanda ukuyikhuluma le ndaba. Anjalo- ke amanga, ayathandeka. [Uhleko.][Ihlombe.] Uma lo mbiko usufikile lapho uyofika khona kufanele uxoxwe ngendlela yomthetho wePhalamende eyoba yisivumelwano samaLungu ePhalamende, yilapho-ke niyothola amaqiniso ashoyo ukuthi ngempela ngempela kwenzekeni. Dedelani abaphenyayo baphenye bawulethe umbiko, nivumelane ukuthi nizowuxoxa kanjani, niwuxoxe bese niyathola enikufunayo. Inkinga nifuna ukwenza izinqumo nje. Kudala ninginqumela; kade nginizwa nasemaphapheni nikhuluma, ninginqumela ngapha nangapha. Hhayi bo! Lindani umbiko, mhlonishwa, uyeza! Usukhona uwuphethe uNgqongqoshe. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[Mr V B NDLOVU: Hon Speaker and hon President, first I want to thank you for your response. I have two questions for you. First, have you seen the report in question, hon President? Second, would you please ensure that the report is sent to the House after it has been received by the relevant parties? This is to ensure that we also see it, otherwise we might only just hear about it like the birth of Jesus Christ. [Laughter.]