Somlomo, ngicela ukuqala ngokuthi ngibonge uNgqongqoshe ngempendulo asinike yona mayelana nokwakhiwa kwalezi zinkantolo, ikakhulukazi esikhathini samanje lapho sesibona khona kubhebhetheka izehlakalo zokuhlukumeza ngokocansi.
Engifuna ukukubuza-ke Ngqongqoshe ukuthi ngabe lezi zinkantolo zizosiza ngani ekutheni izinkubele ziqine idolo, zikwazi ukuphumela obala zibike amacala afana nalawa? Kanti futhi ingabe lokhu kuyosiza yini ukuthi kungahambi ngonyawo lonwabu ukuthethwa kwalawa macala ukuze omama nezingane bakwazi ukuphumela obala ukulwisana nalokhu, Mthimkhulu? [Ihlombe.]
UNGQONGQOSHE WEZOBULUNGISWA NOKUTHUTHUKISWA KOMTHETHOSISEKELO: Phini likaSomlomo, angibonge kuBaba uSibanyoni. Njengoba bese ngichazile ukuthi lezi zinkantolo yizona ezizokwenza ukuthi lezi zigilamkhuba zazi ukuthi uma zenza lento embi kubantu besifazane nasezinganeni zizobhadla ejele.
Yingakho-ke thina sithi: Hhayi! Le ndaba yokuqeda lezi zigwegwe ngeke iqedwe, ikakhulukazi, amaphoyisa, amajaji, nezimantshi kepha yonke imiphakathi kufanele ibe nemikhankaso yokuchazela imiphakathi kanye nemindeni ukuthi laba bantu abadlwengula izingane nomama abacetshwe emaphoyiseni.
Okusho ukuthi ngamanye amazwi-ke, uma sonke thina kanye nathi sonke lapha ePhalamende, singaya emahhovisi ethu eziko labavoti siliqhube leli vangeli lokuthi laba bantu abakhishwe emiphakathini esihlala kuyona. Uma senza zonke lezi zinto nomthetho-ke uyokwazi ukuthi uhambe ngendlela eya phambili. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr J B SIBANYONI: Speaker, I would like to first thank the Minister for the response with regard to the building of these courts, especially now that incidents of rape are escalating.
What I would like to know, Minister, is: How are these courts going to assist in supporting these victims so that they are able to come out and report such cases? And is this also going to help in speeding up the trials so that the women and children can come out in order to fight this, Mthimkhulu [Clan name]? [Applause.]