IPHINI LIKANGQONGQOSHE WEZOKUTHUTHUKISWA KOMPHAKATHI: Ngiyabonga Somlomo, ngivumele ukuba ngivumelane nelungu elihloniphekile ukuthi ukuhlukunyezwa komama kufanele sikusukumele phezulu, sikukhuze, sibe munye futhi sibe namasu okulwa nalesi sifo. Ngiyathemba-ke ukuthi uma singafunisisa ukuthi uyini umsuka walokhu singaphumelela, ikakhulukazi ukuvuselela amakhaya nokubheka indlela esihlala ngayo kulezi zindawo zasemijodolo. Kufanele kuqiniswe isandla kubenzi balobu bubi. Sizokwenza lokhu kube yimpumelelo uma sizosebenza sisonke. Singakwenzi nje into yokukhuluma kube ngamaphuzu epolitiki la kule Ndlu. Asibambisane silwe lalesi sifo sengqondo - yisifo sengqondo lesi. Ngimema obaba ukuthi nabo basukume bakhuze lo mhlola ukuze uphume ekhaya. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu Minister's response follows.)