Somlomo, mhlonishwa Mongameli siyabonga ngempendulo osusinike yona. Okokuqala nje, mhlonishwa Mongameli, leli lizwe lafelwa wobabamkhulu noyihlomkhulu ngoba bevikela umhlabathi, lapho-ke ngisho umhlaba. Uma uMongameli ekhuluma ngokuthi kune-Green Paper, thina bantu basemakhaya asazi ukuthi usho ukuthini.
Okwesibili, uma uMongameli ethi kukhona izithangami okuhlalwa kuzo, thina lapho esiqhamuka khona kukhona abantu abazembulelwa izindawo zabo zokuhlala bakha kodwa base bebhidlizelwa imizi yabo, sebelala ezigangeni. Abanye abantu bayimihambima ngoba ingekho indawo abangahlala kuyona.
UMongameli akakuboni kufanele ukuthi, eminyakeni eminingi kangaka kusukela ngonyaka we-1994 kuze kube yimanje, ukuthi kuxoxiswane ngendaba yomhlabathi ngoba kwachitheka igazi ngomhlabathi.
UMONGAMELI WERIPHABHULIKHI YASENINGIZIMU AFRIKA: Somlomo, nelungu elihloniphekile leNdlu yesiShayamthetho sikaZwelonke, uma kuthiwa iPhepha eliluHlaza ngesiZulu, phecelezi i-Green Paper ngesilungu, kusho ukuthi yiphepha lokuqala elindlalela indaba ukuze ixoxwe. Kusho lokho. Uma kuthiwa nje i-Green Paper noma iPhepha eliluHlaza, wazi ukuthi yiphepha lokuqala ngqa elizothula inkulumo esizweni. Ayalandela-ke amanye, nawo anemibala yawo. Izifundiswa ezasho njalo akumina Gatsheni! [Uhleko.]
Leli phepha-ke limenyezelwe kabanzi ezweni. Uma izakhamuzi zangakubo kamhlonishwa zingakayizwa indaba ngizokhuluma noNgqongqoshe ukuze alilethe ngoba lilethelwa khona ukuthi kusunguleke izingxoxo zokuthi sizoyisombulula kanjani le nkinga. Hhayi ukuthi iyaqala, kade yayixoxwa le ndaba kwaze kwathathwa izinqumo. Kwaze kwenziwa ngisho uhlelo lokuthi umhlaba uzothengwa kanjani futhi uzobuyiswa kanjani.
Sikubeke kwacaca ukuthi lezo zinhlelo sibona ukuthi azikwazanga ukufinyelela engqikithini yendaba, yingakho nje sesithi asibuyele ezingxoxweni, njengesizwe, siluxoxe lolu daba ngoba sazi khona lokhu okushoyo ukuthi ngomhlaba kwachitheka igazi. Asifuni-ke liphinde lichitheke. Sifuna ukusebenzisa uMthethosisekelo ukuyisombulula le nkinga. Ngiyabonga Somlomo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Speaker, I wish to thank the president for his response. First, hon President, our forefathers died fighting for possession of the land. As a rural man, I do not understand what the Green Paper the President is referring to is.
Secondly, I do not know anything about the forums that the President is talking about. Where I come from some communities were allocated some land to build their homes, which were later demolished and they ended up having no place to live.
Does the President not think that the time has come to seriously consider issues of land redistribution and resettlement when it is such a long time after 1994? We must not forget that blood was shed for possession of this very land.