Somlomo, mhlonishwa Mongameli, lokhu kukhuluma kungaze kube kuningi kangaka nje, mhlonishwa Mongameli, kudalwa wuNgqongqoshe wakho lo wezeMisebenzi yoMphakathi. Ukuba uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi wachaza njengoba uchaza nje ngabe akukho konke lokhu kukhuluma. Manje-ke, indaba la eyonakala khona yingoba akakwazi ukuhlukanisa izinto phakathi. Ngakho-ke, lokho okuphakamiswa wumhlonishwa uHolomisa, noma ungakwemukela Mongameli, kepha umhlonishwa uNxesi kufanele aze la kule Ndlu asitshele ukuthi wayethini kanti ngomuzi wakho. [Uhleko.] (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[Mr V B NDLOVU: Speaker and hon President, the reason this issue has been discussed so much hon President, is because of your Minister of Public Works. If the Minister of Public Works explained as you are explaining, there wouldn't be all these discussions. Now the problem is, he can't differentiate between things. Therefore, what Mr Holomisa proposes, whether you accept it or not, hon President, hon Nxesi must come to this House and tell us what he was saying about your home. [Laughter.]]