Sekela Somlomo, ngiphakama ngibuhlungu ngoba ngilandela ilungu elihloniphekile le-Cope elikadelikhuluma.
Okubuhlungu ukuthi lisuke lakhuluma ngoMthethosivivinywa esingekho kuwona namhlanje. Angazi ukuthi ubekhuluma ngani kulokhu ebesikukho namhlanje, ngoba bengithi sibhekene nombiko wezinto ezenzekile ngesikhathi sivakashele isiFundazwe sase-Mpumalanga Koloni. Akuluthoke-ke, Sekela Somlomo, mhlawumbe kuye kufanele ukuthi abantu bakhulume nje ukuze babekhona phambili, kubonakale ukuthi kukhona abakushilo.
Sekela Somlomo, singuKhongolose, nathi sithi siyakusekela kakhulu futhi sikubonile ukuqhubeka kancane kokwakhiwa kwezikole. Kepha ngenqubekelaphambili esesiyitholile, egcizelelayo ukuthi ngempela kuyothi uma kuphela unyaka zonke lezi zikole ebezihlonziwe ukuthi zizokhwakhiwa sesiyakuthola impela ukuthi sizokubona kwenzeka ngoba indlela okuqhubeka ngayo zonke ezingama-45 sizibona seziyela ngasekupheleni.
Lokhu kusinika isibindi sokuthi kuzothi kuvula izikole, kuqala unyaka omusha wezi-2013, sibone abafundi bethi befundela ezindaweni ezinhle futhi ezihloniphekile okuwumngomonqangi wenhlangano yethu ukuthi kwenziwe isikhathi sokuthi abantwana bethu, njengoba imfundo yabekwa yaba seqhulwini nje, bathole ukufunda ezindaweni ezihloniphekile ngendlela efanele.
Ngiyajabula-ke ukuthi, sisonke siyikomiti, izinto lezo esizibukile, zasiphatha kabuhlungu, sazilandela sase sivakashela esifundazweni. Siyayibona inqubekelaphambili. Sengathi lokhu kubambisana obekukhona kungaqhubeka ngoba siyaqhubeka sithi uma sibambisene, sisonke, ukhona umehluko ozokwenzeka, lo esiwubonayo. Ngibonga kakhulu Somlomo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.)
[Ms A C MASHISHI: Deputy Speaker, I am unhappy that I have to speak after the honourable member of Cope that was on the floor.
What makes me so unhappy is that the member spoke about a bill that we are not discussing today. I cannot tell what he was saying regarding the matter at hand at the moment. I thought we were reviewing the report on our visit to the Eastern Cape. It does not matter though, Deputy Speaker, I guess some people want to speak just for the sake of being visible and being heard, no matter how insignificant what they are saying might be.
Deputy Speaker, as the ANC we support the construction of schools and we are well aware of how slow its progress is. According to the progress report we have received, we are certain that the construction of 45 schools which were identified will be completed soon.
We are almost certain that the schools will be ready by the beginning of the 2013 school year; our children will be provided with proper schools as befits their human dignity. It is the basic principle of our political party that our children must be provided with proper schooling since education is very important for them.
I am happy that as the committee we looked into all those factors and decided to do something about the situation. We were not happy with what we had discovered and then decided to visit the province. We can already see a great deal of progress. If we continue working together we will make a significant difference which is already apparent to everyone. Thank you very much, Speaker. [Applause.]]