UNGQONGQOSHE WEZABASEBENZI: Ngiyabonga Somlomo, ngizocela ukuphendula amalungu ahloniphekile amabili. Elokuqala, ngifuna ukwengeza kumhlonishwa u- Watson ukuthi uMongameli waleli lizwe, uNxamalala waqala ukwakha umuzi wakhe, inxuluma yakhe ngonyaka wezi-2005 engeyena uMongameli waleli lizwe futhi ewakha ngemali yakhe. Ukhethwe ukuba nguMongameli waleli lizwe eseyakhile inxuluma lakhe nemigwaqo eya eNkandla yayisiqalile. Ngakho-ke kufanele ukuthi uma sizokwenza izitatimende sibheke ukuthi ngabe iyiqiniso kangakanani into esiyishoyo ngoba ngelinye ilanga iqiniso lizokwenza ukuthi sizisole ukuthi sasiyivulelani imilomo. Asingabi ohubhu kabhejane uma sesifike la eNdlini. [Ubuwelewele.]