Somlomo, Sekela Mongameli ngiyavumelana nawe uthi abantu banelungelo lokwenza imibhikisho ngokuthula. Ngiphinde ngivumelane nawe uma uthi abantu abakithi abanalo ilungelo lokwenza imibhikisho enodlame. Kufanele siye emiphakathini sibatshele lokho.
Mhlonishwa Lekota, wumsebenzi wami nawe, njengamaLungu ePhalamende ukuthi siye ebantwini sibatshele ukuth uhlelo lukahulumeni lalo nyakamali luthi sizokwenza lokhu, nalokhu nalokhuya. Uma singaphumelelanga siphinde sibuyele ebantwini sibatshele ukuthi uhulumeni uhlulekile kulo nyaka ukwenza lokhu, nalokhu nalokhuya. Lokhu kuzonciphisa lokhu kubhikisha okudlame okudlangile.
Sekela Mongameli nginombuzo wokuthi: Kuyo yonke le mibhikisho enodlame ekhona kuleli lizwe, ingabe uMnyango wezokuPhepha kweZwe walapha eNingizimu Afrika uyakubheka yini ukuthi asikho isandla semfene kuyo yonke le mibhikisho? Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Ms D G NHLENGETHWA: Speaker and Deputy President, I agree with you that everyone has the right to demonstrate peacefully. I also agree that the public does not have any right to violent protests. It is therefore our duty to inform our communities of that.
Hon Lekota, as Members of Parliament, it is our duty to inform the public of the programme that our government has proposed for each financial year. When we fail to complete the tasks set out in the programme for each year, we must again inform the public. That will curb the widespread violent protests. Deputy Speaker, I have this question: Has the Department of State Security considered the possibility that there might be a third force fuelling all these violent protests in this country? Thank you.]