Sekela likaSomlomo, mhlonishwa, ilungu la leNdlu lagqoka umfaniswano lingakaze liqeqeshwe nakancane nje, lingakaze libe yisosha. Ubuthini-ke, mhlonishwa? Ubuthi wayinikwa ngubani-ke imvume lowo?
ISEKELA LIKANGQONGQOSHE WEZOKUVIKELA KANYE NEZIGAGAYI ZEZEMPI: Sekela Somlomo, njengoba besengichazile ukuthi akekho umuntu onelungelo lokugqoka umfaniswano woMbutho wezokuVikela waseNingizimu Afrika. Angazi-ke ukuthi ilungu elihloniphekile lisho ukuthi lelo lungu elikhuluma ngalo laligqoke umfaniswano woMbutho wezokuVikela waseNingizimu Afrika na noma laligqoke nje umfaniswano?